Transcript Zulu
public works Department: Public works PROVINCE OF KWAZULU NATAL UBUDLELWANE PHAKATHI KWESISHAYAMTHETHO KANYE NESIGUNGU SOMKHANDLU OPHETHE Umsebenzi ungumuntu owethembekile kwiRiphabhulikhi futhi uyawuhlonipha uMthethosisekelo aphinde azibophezele ekwenzeni imisebenzi yakhe yansuku zonke. Umsebenzi ubeka izidingo zomphakathi phambili uma enza imisebenzi yakhe. Umsebenzi ngokwethembeka ulandela izinqubomgomo zikaHulumeni uma enza imisebenzi ajutshelwe yona njengalokhu ziqukethwe kuyo yonke imithetho. Umsebenzi uzama ngayo yonke indlela ukuzijwayeza futhi uzibophezela kuyo yonke imithetho kanye nemiyalelo ebekiwe yendlela yokuziphatha neyokwenza imisebenzi yakhe. Umsebenzi usebenzisana nezikhungo zikahulumeni ezisungulwe ngaphansi komthetho noMthethosisekelo ukuhlangabezana nezidingo zomphakathi. UBUDLELWANE NOMPHAKATHI Umsebenzi ugqugquzela ubunye nenhlalakahle yesizwe saseNingizimu Afrika uma enza imisebenzi ajutshelwe yona. Umsebenzi usiza umphakathi ngokungachemi nangokungakhethi ukuze akhe isithombe esizokwenza ukuthi umphakathi wethembele kuhulumeni. Umsebenzi uba nomoya omuhle, unikeza usizo ngezikhathi zonke futhi uhlale engumuntu ozimisele ukusiza umphakathi uma esebenza nomphakathi, ngaso sonke isikhathi uphatha umphakathi njengamakhasimende afanele ukuphathwa ngezandla ezifudumele. Umsebenzi uzwelana nomphakathi ngezimo nangezinkinga obhekene nazo uma enza umsebenzi wakhe noma ethatha izinqumo ezithinta umphakathi. Umsebenzi uzibophezele ekusebenzeleni njalo ukuthuthukiswa nokunyuswa kwezinga lomphakathi waseNingizimu Afrika. Umsebenzi akacwasi nanoma iliphi ilungu lomphakathi ngenxa yobuhlanga, yobulili, yemvelaphi, yebala, yohlobo lobudlelwano ngokobulili, yeminyaka, yokukhubazeka, yenkolo, yeqembu lezepolitiki, yenkolo, yesiko noma yolimi. Umsebenzi akasebenzisi isikhundla sakhe kuhulumeni ngokungafanele ngokuthi abe nokwenzelela noma ngokunyundela elinye iqembu lezepolitiki noma abathile. Umsebenzi uyasihlonipha futhi uyasivikela isithunzi sabo bonke abantu kanye namalungelo abo njengalokhu ebekiwe kuMthethosisekelo. Umsebenzi uyaliqonda ilungelo lomphakathi lokuthola ulwazi, ngaphandle kolwazi oluvikelwe ngokomthetho. UBUDLELWANE PHAKATHI KWABASEBENZI Umsebenzi usebenzisana ngokugcwele nabanye abasebenzi ukuze kusizakale umphakathi. Umsebenzi wenza yonke imisebenzi ayinikezwa abantu abaqokelwe lokho, kuncike ekutheni lokho akuphikisani nezinhlinzeko zoMthethosisekelo kanye nanoma imuphi omunye umthetho. Umsebenzi akumele atholakale esiza izihlobo zakhe kanye nabangani ngezinto zomsebenzi akasebenzisi isikhundla sakhe ngendlela engafanele noma afake umoya omubi omunye umsebenzi ngokuthi asebenzise igunya lakhe. Umsebenzi usebenzisa imigudu efanele ukufaka isikhalo sakhe noma asifake ngqo kwabafanele. Umsebenzi unesibopho sokuzithuthukisa, sokweseka nokusebenzisana nozwakabo nokugqugquzela ukusenbenza ngendlela esezingeni nokusimamisa ubudlelwane. Umsebenzi usebenzisana ngendlela efanele, ekahle kanye nengakhethi nabanye abasebenzi, engabheki ubuzwe babo, ubulili, ubuhlanga noma imvelaphi, ibala, uhlobo lobudlelwano ngokobulili, iminyaka, ukukhubazeka, inkolo, iqembu lezepolitiki, unembeza, usiko noma ulimi lwakhe. Umsebenzi akazihlanganisi nezinto zezinhlangano zepolitiki uma esemsebenzini. UKUZIPHATHA KOMUNTU KANYE NOKUZIBANDAKANYA NGASESE Umsebenzi ngesikhathi somsebenzi, ugqoka futhi aziphathe ngendlela ebeka isithunzi sikahulumeni ezingeni elifanele. Umsebenzi uziphatha ngendlela ehloniphekile, akaphuzi utshala emsebenzini futhi akazisebenzisi izidakamizwa. Umsebenzi angeke, ngaphandle kokuthola imvume ebhaliwe kwiNhloko yoMnyango athole noma amukele isipho, umhlomulo noma isamba semali (isipho noma imali engaphezu kwama-R350) kunoma yimuphi umuntu emsebenzini ngoba lokhu kungathathwa njengokugwazelwa. Umsebenzi akasebenzisi noma adalule nanoma iluphi ulwazi analo ngenhloso yokuzihlomulisa noma yokuhlomulisa abanye abantu. Umsebenzi akatholi omunye umholo ngokwenza umsebenzi wangaphandle noma ngokusebenzisa impahla yasehhovisi ukwenza lowo msebenzi ngaphandle kokuthola incwadi emgunyaza ukwenza lowo msebenzi. UKWENZIWA KWEMISEBENZI Umsebenzi wenza konke okusemandleni ukufeza izinjongo eziphokophelelwe umnyango awusebenzelayo nokufeza izidingo zomphakathi. Umsebenzi uqhamuka namasu amasha uma enza umsebenzi wakhe, usebenzisa amasu aphusile ukusombulula izinkinga bese enza umsebenzi ngendlela enempumelelo nehlelekile ngokulandela umthetho. Umsebenzi uwuqeda ngesikhathi esifanele umsebenzi wakhe noma lokho ajutshelwe kona. Umsebenzi wenza imisebenzi ajutshelwe yona noma imisebenzi ngendlela efanele negculisayo. Umsebenzi akazihlanganisi nezenzo ezingahambisani nomsebenzi wakhe noma ezishayisana nomsebenzi wakhe. Umsebenzi uyozihoxisa kunoma yikuphi ukuthathwa kwesinqumo okusemthethweni okungaholela ekutheni ahlomule ngendlela engafanele, futhi lokhu kumele kudalulwe umsebenzi. Umsebenzi kumele azimisele ukuthi aqeqeshwe futhi athuthukiswe emsebenzini ngesikhathi eqashiwe. Umsebenzi wethembekile futhi unesibopho sokubika ngokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni futhi usebenzisa izimpahla zikahulumeni nezinye izinsiza ukwenza imisebenzi egunyaziwe kuphela. Umsebenzi ugqugquzela ukuphatha okuhle, ngendlela esheshayo neyongayo, nengenamfihlo nokuhlinzeka umphakathi ngolwazi lwendlela umnyango osebenza ngayo. Umsebenzi uma enza imisebenzi ajutshelwe yona, uyobikela izikhulu, ngokukhwabanisa, ngenkohlakalo, ngokuqasha ngobuhlobo, ngokusetshenziswa budlabha kwezimali nanganoma iziphi ezinye izenzo zokwephula umthetho, noma ezikhinyabeza umphakathi. Umsebenzi weluleka ngokweqiniso nangokungachemi, kweyame emininingwaneni anayo, kubaphathi uma ecelwa ukuba enze kanjalo. Umsebenzi uyazihlonipha izindaba eziyimfihlo, imiqulu kanye nezingxoxo, okuthathwa njengokuyimfihlo